Ngokwalokho engikubonile kulokho engibhekane nakho, abaningi abangayivumanga le ndlela, okusho, abaningi abawunqabile uMoya kaNkulunkulu ngokuqondile, kube abantu abakhulile. Ukuqonda inkolo kwalaba bantu kuqine kakhulu futhi baqhathanisa izinto zakudala namazwi kaNkulunkulu kuyo yonke into. Bahlala besebenzisa izinto abazamukela kudala emazwini kaNkulunkulu. Abasangene? Umuntu onjalo angakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu? UNkulunkulu angakwazi ukusebenzisa umuntu walolu hlobo emsebenzini Wakhe? UMoya Oyingcwele unendlela yosuku nosuku ukuze kwenzeke umsebenzi Wakhe; uma abantu bebambelela ezintweni zakudala, kuzofika usuku lapho bezosuswa esigabeni somlando. Esigabeni somsebenzi Wakhe ngasinye, uNkulunkulu usebenzisa abantu abasha. Ukuba umuntu bengafundisa abanye ngezinto ezingashintshi, bekungeke yini kubalimaze abantu lokhu? Angeke yini lokhu kuwubambezele umsebenzi Wakhe? Ngakho umsebenzi kaNkulunkulu ungaqedwa nini? Mhlawumbe bakhona abanomqondo othile ngalokho Engiqeda ukukusho. Mhlawumbe ngeke baze baneliseke. Nokho, Ngethemba ukuthi awukhathazekile; izinto eziningi ezinje zizokwenzeka kungekudala, futhi lokhu kungacaciswa ngamaqiniso kuphela. Singaze sivakashele abantu ababalulekile, abanye abafundisi abaphezulu noma abadaluli beBhayibheli bese sibashumayeze ngale ndlela. Uma kusaqalwa, nakanjani bazokuchitha lokhu ngokusobala, kodwa bazodonsa iBhayibheli ukuze "bancintisane" nawe. Bazokwenza ubuyele Encwadini ka-Isaya kanye Nencwadi kaDaniyela, futhi bazokwenza uchaze Incwadi yeSambulo. Futhi uma wehluleka ukukhuluma ngazo, bazokuchitha, bakubize ngoKristu wamanga, bathi usabalalisa indlela ewumsangano. Emuva kwehora bazokhipha izinsolo ezingamanga bezibhekise kuwe uze uphelelwe umoya. Akusikho na ukwenqaba okusobala lokhu? Kodwa lokho kusayisiqalo. Abakwazi ukuvimba isigaba esilandelayo somsebenzi kaNkulunkulu, futhi kungekudala, uMoya Oyingcwele uzobaphoqa ukuthi bawuvume. Lokhu kungumkhuba ojwayelekile; kuyinto abantu abangeke bakwazi ukuyenza kanye nento abantu abangeke bakwazi nokuyicabanga. Ngikholwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uzosabalala ungavinjwanga emhlabeni uwonke. Lokhu kuyintando kaNkulunkulu, futhi akekho ongayivimba. Sengathi uNkulunkulu angasikhanyisela futhi asenze samukele ukukhanya okusha singaphazamisi ukuphatha kukaNkulunkulu kuloku daba. Sengathi uNkulunkulu angaba nomusa kithi ukuze sikwazi ukubona ukufika kosuku Lwakhe lwenkazimulo. Uma uNkulunkulu esekhazimuliswa emhlabeni uwonke kuzoba isikhathi esiyothola ngaso udumo kanye Naye. Kungathi leso sikhathi kuyoba nayisikhathi engiyohlukana ngaso nalabo abahambisana Nami. Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bangaphakamisa amaphimbo abo kanye Nami kunxuse uNkulunkulu: Sengathi umsebenzi kaNkulunkulu omkhulu ungaqedwa maduze ukuze sikwazi ukubona usuku Lwakhe lwenkazimulo sisadla anhlamvana. Ngisanethemba lokufeza intando kaNkulunkulu Ngisadla anhlavana, futhi Ngethemba ukuthi uNkulunkulu angaqhubeka nokwenza umsebenzi Wakhe kithi futhi kungabi khona ukuthiyeka. Lokhu kuyisifiso Sami engisiveza ngaphandle. Sengathi uNkulunkulu angahlala ephakathi kwethu futhi sengathi uthando Lwakhe lungakha amabhuloho phakathi kwethu ukuze ubungani phakathi kwethu bubaluleke kakhulu. Ngethemba ukuthi uthando luzodala ukuqonda okukhulu phakathi kwethu nokuthi uthando lungasisondeza, lususe ukuqhela phakathi kwethu, futhi uthando phakathi kwethu sengathi lungajula, lwande, futhi lube mnandi kakhulu. Ngikholwa ukuthi lokhu nakanjani kuyintando kaNkulunkulu Wami, futhi Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bangase basondelane kakhulu Nami, nokuthi singakhombisa ukuba semqoka kwezinsuku ezimbalwa esinazo sindawonye futhi zingasidalela izinkumbulo ezinhle.
Sekube nezinye izigaba emsebenzini kaNkulunkulu ezweni laseChina kodwa azixakile nhlobo. Uma kucatshangwa ngazo zonke lezo zigaba, zinazo izizathu—zonke zigcwaliswe uNkulunkulu uqobo, futhi bonke abantu babamba amaqhaza anhlobonhlobo emsebenzini Wakhe. Isenzo ngasinye kulo mdlalo siyihlaya kubantu, futhi okumangalisayo ukuthi wonke umuntu uneqhaza kuwo. Ecaleni ngalinye, imisebenzi yabantu iyiqiniso empilweni, futhi umuntu ngamunye udwetshwe ngokucacile nangokucophelela ngepeni likaNkulunkulu. Wonke umuntu unokuningi okuvezwe emini ka bha. Angisho ukuthi uNkulunkulu udlala ngabantu ngomsebenzi Wakhe; lokho angeke kube namqondo. Wonke umsebenzi kaNkulunkulu unenhloso yawo; Akenzi nhlobo okungabalulekile noma okungenanzuzo. Konke okwenziwa Nguye Ukwenzela ukulungisa nokuthola isintu. Yingenxa yalokhu kuphela okwenza Ngabona ngokweqiniso ukuthi inhliziyo kaNkulunkulu ingeyomuntu olungile. Yize kungabizwa ngokuthi umdlalo, kungathiwa lo mdlalo uyisibonelo sempilo yangempela, kodwa kumqondisi ojwayelekile "womdlalo," uNkulunkulu, abantu bonke bazosebenzisana Naye ukuze baqedele lo msebenzi. Kodwa ngakwelinye icala, uNkulunkulu uthola abantu ngalokhu futhi wenza abantu bathande Yena kakhulu. Akusiyo intando Yakhe le? Ngakho ngethemba ukuthi akekho umuntu oyokhathazeka. Ayikho into eniyaziyo ngentando kaNkulunkulu? Sengisho okuningi—Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bonke bangayiqonda futhi ngabayiqondi ngendlela engayiyo inhliziyo Yami. Ngikholwa ukuthi uNkulunkulu uzokuthola ngokuphelele. Wonke umuntu uhambe ngendlela ehlukile. Ngethemba ukuthi indlela engaphansi kwezinyawo zakho iyileyo evulwe uNkulunkulu, nokuthi nonke ningakhuleka nithi: "O Nkulunkulu! Sengathi Ungangithola ukuze umoya Wami ubuyele Kuwe." Ingabe senilungele yini ukufuna izeluleko zikaNkulunkulu ekujuleni komoya wenu?
umthombo:
IBandla likaNkulunkulu uSomandla
Awekho amazwana:
Thumela amazwana