“Ngoba sesifikile isikhathi sokuqala kwesahlulelo endlini kaNkulunkulu” (1 Petru 4:17).
“Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba; akutholelwanga indawo. Ngase ngibona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kukaNkulunkulu; futhi izincwadi zavulwa: nenye incwadi yavulwa, okungeyokuphila: nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini, njengokwemisebenzi yabo. Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo; nokufa nesihogo kwakhipha abafileyo ababekukho: base behlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. Futhi ukufa nesihogo kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili. Futhi lowo ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo” (IsAmbulo 20:11-15).
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
“Ukwahlulela” emazwini akhulunywe ngaphambilini— ukwahlulela kuyoqala endlini kaNkulunkulu—kusho ukwahlulela okwenziwa uNkulunkulu namuhla kulabo abeza phambi kwesihlalo Sakhe sobukhosi ngezinsuku zokugcina. Mhlawumbe kukhona labo abakholelwa kulezo zimangaliso becabanga ukuthi uma sekufika izinsuku zokugcina, uNkulunkulu uyobeka itafula elikhulu ezulwini, ayokwendlala indwangu emhlophe kulo, bese kuthi ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi esikhulu futhi bonke abantu beguqe phansi ngamadolo. adalule izono zomuntu nomuntu bese ngalokho anqume ukuthi ngabe bayokhuphukela ezulwini noma bayothunyelwa echibini lomlilo nesibabule. Noma umuntu angacabangani, ingqikithi yomsebenzi kaNkulunkulu ingeguqulwe. Ukucabanga komuntu akulutho ngaphandle kokuba yilokho okwakhiwe imicabango yomuntu nje futhi kuphuma emqondweni womuntu, kwaqoqwa futhi kwahlanganiswa kulokho umuntu akubonile wakuzwa. Ngakho ngithi, ngisho zingaba wubuhlakani obungakanani izithombe ezakhekile, aziyilutho nje nolungaphezu kwemidwebo futhi azinakuthatha indawo yohlelo lomsebenzi kaNkulunkulu. Vele, umuntu wonakaliswe nguSathane, ngakho angakwazi kanjani ukuqonda imicabango kaNkulunkulu? Umuntu ucabanga ukuthi umsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu muhle kakhulu. Umuntu ukholwa wukuthi njengoba kunguNkulunkulu uqobo owenza umsebenzi wokwahlulela, kusho ukuthi mkhulu kakhulu futhi akanakuqondwa ngabantu abafayo; kumele kuzwakale emazulwini futhi kushukumise umhlaba, kungenjalo kungaba kanjani umsebenzi kaNkulunkulu? Ukholwa ngukuthi njengoba lokhu kungumsebenzi wokwahlulela, uNkulunkulu-ke kumele aphakame futhi abe nobukhosi lapho esebenza, futhi labo abahlulelwayo kufanele ukuba bakhihla isililo futhi baguqe ngamadolo becela intethelelo. Umfanekiso onje kufanele ukuthi muhle kakhulu emehlweni futhi uvusa imizwa ngokujulile…. Wonke umuntu ucabanga umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ukuthi ungomangalisayo ngokungaphezulu kwemvelo. Ngabe uyazi, nokho, ukuthi uNkulunkulu waqala umsebenzi wokwahlulela kubantu kudala futhi sonke lesi sikhathi wena ubuthokomele ekuthuleni kokungazi? Ukuthi ngesikhathi ocabanga ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela uqala ngaso ngokusemthethweni, sekuyisikhathi sokuthi uNkulunkulu enze izulu nomhlaba kabusha? Ngaleso sikhathi, mhlawumbe uyobe nje usanda kuqonda incanzelo yokuphila, kodwa umsebenzi ongenamusa wokujezisa kukaNkulunkulu uyokuthumela, usagcwele ubuthongo, esihogweni. Yilapho-ke oyothuka usuqonda ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela usuphothuliwe.
… Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu.
kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
kwesithi “Ukubona Ukubonakala KukaNkulunkulu Ekwahluleleni Nasekusoleni Kwakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Abanye bakholwa ukuthi ngezinye izikhathi uNkulunkulu angeza emhlabeni ukuze abonakale kumuntu, lapho eyokwahlulela isintu mathupha, avivinye umuntu ngamunye kungasali muntu. Labo abacabanga kanjalo abasazi lesi sigaba sikaNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu akahluleli umuntu ngamunye, futhi akavivinyi umuntu ngamunye; ukwenza lokho bekungeke kube umsebenzi wokwahlulela. Ingabe ayifani inkohlakalo yaso sonke isintu? Ingabe asifani sonke isiqu sikaNkulunkulu? Okwahlulelwayo isiqu sesintu esikhohlakele, isiqu somuntu esonakaliswe uSathane, nazo zonke izono zomuntu. UNkulunkulu akehluleli amaphutha amancane nangabalulekile omuntu. Umsebenzi wokwahlulela kukhona okumelayo, awenziwa ngenxa yomuntu othile kuphela. Kunalokho, uwumsebenzi okwahlulelwa kuwo iqembu labantu ukuze kwahlulelwe sonke isintu. Ngokwenza Kwakhe lo msebenzi mathupha kulo lonke iqembu labantu, uNkulunkulu osenyameni usebenzisa umsebenzi Wakhe ukumela umsebenzi waso sonke isintu, ngemva kwawo oya ngokuya wanda. Nomsebenzi wokwahlulela unjalo. UNkulunkulu akahluleli uhlobo oluthile lomuntu noma iqembu elithile labantu, kodwa wahlulela abangalungile kuso sonke isintu—ukumelana noNkulunkulu kwabantu, ngokwesibonelo, noma ukungamhloniphi, noma ukuphazamiseka komsebenzi kaNkulunkulu, njalo njalo. Okwahlulelwayo yingqikithi yokumelana kwesintu noNkulunkulu futhi lo msebenzi ungumsebenzi wokunqoba ngezinsuku zokugcina. Umsebenzi nezwi likaNkulunkulu osesimweni somuntu okubonwa umuntu kuwumsebenzi wakwahlulela ongaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi phakathi nezinsuku zokugcina, izinto ezacatshangwa umuntu esikhathini esedlule. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu uwukwahlulela ngqo okungaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi. UNkulunkulu osesimweni somuntu wanamuhla unguNkulunkulu owahlulela sonke isintu ezinsukwini zokugcina. Le nyama nomsebenzi Wakhe, nezwi kanye naso sonke isimo Sakhe, konke kungokwakhe. Nakuba umthamo womsebenzi wakho unomkhawulo, futhi ungabandakanyi indawo yonke ngokuqondile, ingqikithi yomsebenzi wokwahlulela iwukwahlulelwa ngokuqondile kwaso sonke isintu; akuwona umsebenzi owenziwa ezweni laseChina kuphela, noma owenzelwa isibalo esincane sabantu. Ngesikhathi somsebenzi kaNkulunkulu enyameni, nakuba umthamo womsebenzi ungabandakanyi indawo yonke, umela umsebenzi wendawo yonke, futhi ngemva kokuqeda umsebenzi osemthamweni wenyama Yakhe, lo msebenzi uyowusabalalisela ngokushesha endaweni yonke, ngendlela efanayo nalena ivangeli likaJesu elasabalala ngayo endaweni yonke ngemva kokuvuka nokunyukela ezulwini Kwakhe. Kungakhathaleki ukuthi kungumsebenzi kaMoya noma wenyama, kuwumsebenzi ofezwa ngaphansi komthamo othile, kodwa omela umsebenzi wayo yonke indawo. Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ubonakala enza umsebenzi Wakhe esebenzisa ukubonakala Kwakhe okusamuntu, futhi uNkulunkulu osesimweni somuntu uyena owahlulela abantu esesihlalweni esimhlophe sobukhosi. Kungakhathaleki ukuthi unguNkulunkulu kaMoya noma wenyama, lowo owenza umsebenzi wokwahlulela unguNkulunkulu owahlulela isintu ngezinsuku zokugcina. Lokhu kuchazwa ngokusekelwa emsebenzini Wakhe, akuchazwa ngendlela abukeka ngayo ngaphandle noma kwezinye izinto eziningi. Nakuba umuntu enemicabango yakhe ngala mazwi, akekho ongaphikisana nokwahlulela kukaNkulunkulu osesimweni somuntu nokunqotshwa kwaso sonke isintu. Kungakhathaleki ukuthi ahlaziywa kanjani, amaqiniso ayohlale engamaqiniso. Akekho ongathi “Umsebenzi wenziwa uNkulunkulu, kodwa inyama ayiyena uNkulunkulu.” Umbhedo lowo, ngoba lo msebenzi awunakwenziwa muntu ngaphandle kukaNkulunkulu osesimweni somuntu. Njengoba lo msebenzi usufeziwe, kulandelwa lo msebenzi, umsebenzi wokwahlulela ngeke usenziwa okwesibili; uNkulunkulu osesimweni somuntu wesibili usewusonge wonke umsebenzi wokuphatha, kufanele kube nesigaba sesine somsebenzi kaNkulunkulu.
kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni
Umsebenzi wokwahlulela ngokaNkulunkulu uqobo, ngakho ngokwemvelo wenziwa nguNkulunkulu uqobo; ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Ngoba ukwahlulela kungukunqoba isintu ngeqiniso, kungephikiswe ukuthi uNkulunkulu usavela njengesiqu esiyinyama ukuze enze lo msebenzi phakathi kwabantu. Okusho ukuthi, ezinsukwini zokugcina, uKristu uyosebenzisa iqiniso ukuze afundise abantu basemhlabeni futhi enze onke amaqiniso aziwe kubo. Lo ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela. Abantu abaningi banomuzwa omubi mayelana nesimo sokuba senyameni kukaNkulunkulu, ngoba umuntu ukuthola kunzima bokukholwa ukuthi uNkulunkulu wayengaba yinyama ukuze enze umsebenzi wokwahlulela. Kodwa kumele ngikwazise ukuthi ngokuvamile umsebenzi kaNkulunkulu wedlula okulindelwe ngabantu futhi kulukhuni ukuthi imiqondo yabantu iwamukele. Ngoba abantu bayizimpethu nje emhlabeni, kube uNkulunkulu engophakeme ogcwalisa umhlaba; umqondo womuntu ufana nomgodi wamanzi abolile akhipha izimpethu kuphela, kanti isigaba ngasinye somsebenzi oqondiswa yimicabango kaNkulunkulu siwukuconsiswa kobuhlakani bukaNkulunkulu. Umuntu uhlala efisa ukuphikisana noNkulunkulu, engithi ngakho kusobala ukuthi ubani oyolahlekelwa ekugcineni. Ngiyanixwayisa nonke ukuthi ningaziboni ukuthi nibaluleke ngaphezu kwegolide. Uma abanye abantu bekwazi ukwamukela ukwahlulela kukaNkulunkulu, pho kungani nina ningakwazi? Nina niphakeme kangakanani ngaphezu kwabanye? Uma abanye abantu bekwazi ukugebisa amakhanda abo phambi kweqiniso, kungani nina ningenzi njalo? Umsebenzi kaNkulunkulu unomfutho onganqandeki. kazukuwuphinda umsebenzi wokwahlulela futhi ngenxa "yenu," futhi nizogcwala ukuzisola okungenamkhawulo ngokudedela ithuba elihle kangaka. Uma ningawakholwa amazwi Ami, velani nilindele isihlalo sobukhosi esimhlophe esikhulu esibhakabhakeni ukuze sedlulisele ukwahlulela phezu kwenu! Kumele nazi ukuthi bonke abakwa-Israyeli bamala futhi bamphika uJesu, kodwa iqiniso lokuhlenga abantu kukaJesu laqhubeka lasabalala emhlabeni jikelele. Akusilo leli iqiniso uNkulunkulu alenza kudala? Uma usalindele ukuthi uJesu akuyise phezulu ezulwini, ngithi kuwe uwukhuni olufie olunenkani.[a] uJesu ngeke emukele umuntu ongakholwa ngokweqiniso onjengawe ongethembekile eqinisweni futhi ofuna izibusiso kuphela. Empeleni, akazukukhombisa musa kuwe ekukuphoseni echibini lomlilo ukuze ushe iminyaka engamashumi ezinkulungwane.
kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Imibhalo yaphansi:
a. Ucezu lokhuni olufile: isisho sesiShayina, esisho ukuthi “isimo esingathembisi.”
umthombo:
IBandla likaNkulunkulu uSomandla
Awekho amazwana:
Thumela amazwana