23 Meyi 2019

Amahubo Amazwi kaNkulunkulu Amazwi KaNkulunkulu Ayiqiniso Elingaguquki Phakade

 

I
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso,
elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila,
futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.
Ukubaluleka nomqondo wamazwi Akhe
kunqunywa yingqikithi yawo,
hhayi uma umuntu ewemukela noma ewabona.
Ngisho noma ngabe akukho muntu emhlabeni
omukela amazwi Akhe,
ukubaluleka kwawo nosizo lwawo
kumuntu akulinganiseki.
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso,
elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila,
futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.
II
Kulabo abahlubukayo,
baphike futhi bangawahloniphi amazwi Akhe,
impendulo eyodwa kaNkulunkulu kubo yilena:
Isikhathi namaqiniso akube ngufakazi Wakhe,
kukhombise ukuthi amazwi Akhe ayiqiniso,
indlela nokuphila;
kukhombise ukuthi konke lokho akusho kulungile,
yilokhu umuntu okufanele abe nakho
futhi aphile ngakho.
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso,
elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila,
futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.
III
Kubo bonke labo abamlandelayo
uNkulunkulu uzobanika leli qiniso:
Labo abangakwazi ukwemukela amazwi Akhe
noma ukuwenza ngezenzo zabo,
nalabo abangakwazi ukuthola inhloso
noma abehlulekayo ukuthola insindiso emazwini Akhe,
bonke laba ngabantu
amazwi kaNkulunkulu abalahlile.
Balahlekelwe insindiso kaNkulunkulu.
Kubona, ukujezisa Kwakhe ngeke kwedukele kude.
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso,
elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila,
futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso,
elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila,
futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.

Kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Awekho amazwana:

Thumela amazwana