31 Mashi 2019
Isahluko 71
Ngikubonakalise konke Okwami kinina, kodwa kungani ningazindli ngamazwi Ami ngayo yonke inhliziyo nangomphefumulo wenu? Kungani nithatha amazwi Ami njengodoti? Ngabe engikushoyo akulungile? Ngabe amazwi Ami akushaye endaweni ebucayi?
30 Mashi 2019
Isahluko 70
Ukuthi imfihlakalo Yami yambuliwe futhi yavezwa obala, ayisafihliwe, kungenxa yomusa Wami nesihawu Sami ngokuphelele. Ukuthi izwi Lami liyabonakala phakathi kwabantu, alisafihlekile, nangokwengeziwe kungenxa yomusa nesihawu Sami.
29 Mashi 2019
Isahluko 69
Lapho intando Yami iya phambili, noma ngubani olokotha amelane nayo futhi noma ngubani olokotha ahlulele noma angabaze, ngiyomxosha ngokushesha. Namuhla, noma ngubani ongenzi ngokwentando Yami, noma lowo obona intando Yami ngokungeyikho, kufanele alahlwe futhi asuswe embusweni Wami.
28 Mashi 2019
Isahluko 68
Izwi Lami lenziwa kuwo wonke amazwe, izindawo, izizwe namahlelo, futhi izwi Lami liyagcwaliseka kulo lonke igumbi noma ngasiphi isikhathi. Izinhlekelele ezenzeka yonke indawo akuzona izimpi eziphakathi kwabantu, noma izimpi ngezikhali. Ngemuva kwalokhu ngeke kusaba khona zimpi.
27 Mashi 2019
Isahluko 67
Amadodana Ami abonakala ngokusobala, futhi abonakala phambi kwabo bonke abantu. Ngizobasola kanzima bonke labo abalokotha bawedelele ngokusobala; lokho kuqinisekile.
26 Mashi 2019
Isahluko 66
Umsebenzi Wami uqhubekele esigabeni samanje futhi wonke ulandele amalungiselelo ahlakaniphile esandla Sami, kanye nangempumelelo enkulu Yami. Ngubani phakathi kwabantu ongenza into enjalo?
25 Mashi 2019
Isahluko 65
Amazwi Ami ahlala eshaya emhlolweni, okungukuthi akhomba ubuthakathaka benu obubulalayo, kungenjalo beniyobe nisaphila ngokungenanjongo, ningenamqondo wokuthi yisikhathi sini manje.
24 Mashi 2019
Isahluko 64
Akufanele uqonde amazwi Ami ngendlela engenangqondo; kufanele uqonde amazwi Ami ngazo zonke izingxenye futhi kufanele uzame ukuwaqonda ngokwengeziwe futhi uzindle ngawo ngokuphindaphindiwe, hhayi ngosuku noma ngobusuku nje.
23 Mashi 2019
Isahluko 63
Qonda izimo zakho, futhi ngaphezu kwalokho, cacelwa ngendlela odinga ukuyihamba; ungabe usalinda Mina ukuba ngikuphakamise ngezindlebe zakho bese ngikukhombisa izinto.
21 Mashi 2019
Isahluko 62
Ukuqonda intando Yami akwenziwa ukuze wazi kuphela, kodwa nokuba wenze ngokuhambisana nenhloso Yami. Abantu abayiqondi inhliziyo Yami. Uma ngithi lokhu kuyimpumalanga, kufanele bahambe bayocabanga, bezibuza, “Ngabe ngempela yimpumalanga?
20 Mashi 2019
Isahluko 61
Lapho unolwazi lwesimo sakho khona-ke ufeza intando Yami. Empeleni, intando Yami ayinzima ukuyiqonda, ukuthi nje esikhathini esedlule awukaze ufune ngokwenhloso Yami. Engikufunayo akuyona imiqondo yomuntu noma imicabango yomuntu, ingasaphathwa eyokufuna imali noma izimpahla zakho.
19 Mashi 2019
Isahluko 60
Akuyona into elula ukuthi impilo ikhule; kudinga inqubo, futhi ngaphezu kwalokho, ukuba nikwazi ukukhokha inani futhi nibambisane Nami ngokuzwana, bese ngalokho namukela ukuncoma Kwami.
18 Mashi 2019
Isahluko 59
Funa intando Yami ngokwengeziwe ezimweni ohlangana nazo futhi nakanjani uyothola ukuvunywa Yimi. Uma nje usazimisele ukufuna nokugcina inhliziyo engihloniphayo, ngiyokunika konke lokho okuntulayo.
17 Mashi 2019
Isahluko 58
Uma uqonda intando Yami uzokwazi ukucabangela umthwalo Wami futhi ungathola ukukhanya nesambulo, futhi uthole ukudedelwa nenkululeko, wanelise inhliziyo Yami, uvumele intando Yami ngawe ukuba yenziwe, futhi ulethe yonke imfundiso yabangcwele, futhi wenze umbuso Wami emhlabeni uqine futhi uzinze.
15 Mashi 2019
Isahluko 57
Uke wayihlola yini ngamunye imicabango nemiqondo Yakho, kanye nesenzo sakho ngasinye? Uyacacelwa yini ukuthi yikuphi kulokhu okuvumelana nentando Yami nokuthi yikuphi okungavumelani nayo? Awukwazi ukukwahlukanisa lokhu! Kungani ungakezi ngaphambi Kwami? Ingabe yingoba ngeke ngikutshele, noma kungenxa yesinye isizathu?
14 Mashi 2019
Isahluko 56
Sengiqale ukuthatha isinyathelo sokujezisa labo abenza okubi, labo abaphethe amandla, kanye nalabo abashushisa amadodana kaNkulunkulu. Kusukela manje, noma ubani ophikisana Nami enhliziyweni yakhe, isandla sezinqumo Zami zokuphatha siyoba phezu kwakhe.
13 Mashi 2019
Isahluko 55
Isintu esivamile okukhulunywa ngaso asikho kakhulu ngaphezu kwemvelo njengoba abantu becabanga, kodwa siyakwazi ukunqoba izibopho zabo bonke abantu, izehlakalo, nezinto, sinqobe amandla endawo ezungezile, futhi siyakwazi ukusondela Kimi futhi sixhumane Nami kunoma iyiphi indawo kanye nokunoma yisiphi isimo.
12 Mashi 2019
Isahluko 54
Ngazi ibandla ngalinye njengoba ngizazi. Ningacabangi ukuthi angicacelwa noma angiqondi. Ngiqonda futhi ngazi nangaphezulu bonke abantu abehlukahlukene ebandleni ngalinye.
11 Mashi 2019
Isahluko 53
NgiyisiQalo, futhi ngiyisiPhetho. Ngingovusiwe nonguNkulunkulu oyedwa wangempela ophelele. Ngikhuluma amazwi Ami phambi kwenu, futhi kufanele nikukholwe ngokuqinile lokho engikushoyo.
10 Mashi 2019
Isahluko 52
Ngivela njengeLanga lokulunga futhi nina kanye Nami sihlanganyela sindawonye inkazimulo nezibusiso ezinhle, kuze kube phakade naphakade! Lokhu kuyiqiniso ngokuphelele, futhi sekuqalile kakade ukugcwaliseka kini.
09 Mashi 2019
Isahluko 51
O! Nkulunkulu uSomandla! Amen! Kuwe konke kukhululiwe, konke kukhululekile, konke kuvulekile, konke kwambuliwe, konke kugqamile, akunakufihlakala noma ukucasha.
08 Mashi 2019
Isahluko 50
Onke amabandla nabo bonke abangcwele kufanele babheke esikhathini esedlule kanye nasesikhathini esizayo: zingaki izenzo zenu zesikhathi esedlule ezifanelekile, futhi zingaki kuzo ezaba neqhaza ekwakhiweni kombuso?
07 Mashi 2019
Isahluko 49
Ukuze kube nokusebenza ngokuhambisana, umuntu kufanele axhume ngokufanele, nokuthi abe nomdlandla nokucaca. Ngaphezu kwalokho, kufanele abe nomfutho, amandla, futhi achichime ukuzethemba, ukuze abanye bahlinzekwe futhi basuthe.
06 Mashi 2019
Isahluko 48
Ngikhathazekile, kodwa bangaki phakathi kwenu abakwazi ukuba nomqondo owodwa nomcabango owodwa Nami? Aninandaba nje namazwi Ami, niwaziba ngokuphelele futhi nehluleka ukugxila kuwona, kunalokho nigxila kuphela ezintweni zenu ezikha phezulu.
05 Mashi 2019
Isahluko 47
Nkulunkulu uSomandla wokulunga—Onamandla Onke! Kuwe ngokuqinisekile akukho okufihliwe. Leyo naleyo mfihlakalo kusuka endulo kuze kube phakade, abantu abangakaze bayambule, Kuwe iyavezwa futhi icace ngokuphelele.
04 Mashi 2019
Isahluko 46
Lowo ozikhandla futhi azinikele ngobuqotho Kimi, nakanjani ngiyomvikela kuze kube sekugcineni; isandla Sami nakanjani siyokubamba ukuze uhlale unokuthula futhi uhlale uthokoza futhi nsuku zonke ube nokukhanya nesambulo Sami.
03 Mashi 2019
Isahluko 45
Nahlulela obala abafowenu nodadewenu sengathi akulutho. Aniwazi ngempela umehluko phakathi kokuhle nokubi; anilazi ihlazo! Ngabe lokhu akukhona ukuziphatha okunesibindi, okunobudlabha obesabekayo?
02 Mashi 2019
Isahluko 44
Ngilungile, ngethembekile, nginguNkulunkulu ohlola inhliziyo yomuntu ephakathi kakhulu! Ngiyokwambula ngokushesha lowo ongowangempela nalowo ongowamanga. Akukho sidingo sokwethuka, zonke izinto zisebenza ngokwesikhathi Sami.
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)