Nonke kumele nikwazi ukulawula izimpilo zenu. Usuku nosuku ningakwazi ukuhlela noma yini eniyifisayo, nikhululekile ukwenza noma yini eniyithandayo, ningafunda, nilalele futhi nibhale, futhi uma nithanda, ningabhala amahubo. Ingabe konke lokhu akusho impilo efanele? Zonke lezi zinto kumele zibe khona empilweni yomuntu. Abantu kufanele benze izinto ezingokwemvelo; bazovunyelwa ukungena ekuphileni okuvamile kuphela uma bebonisa izithelo zobuntu nezingokomoya ekuphileni kwabo. Namuhla, awuntuli ukuqonda nokuhlakanipha kuphela uma kukhulunywa ngobuntu. Miningi imibono okufanele yaziwe abantu okumele babe nayo, futhi noma ngabe yisiphi isifundo ositholayo, yisifundo okufanele usifunde; kumele ukwazi ukubheka indawo ezungezile, futhi uphile ngokuvumelana nayo. Ukuthuthukisa izinga lakho lemfundo nokwazi ukufunda nokubhala kufanele kwenziwe ngokuhamba kwesikhathi. Kungaleso sikhathi kuphela lapho uzovuna khona. Ngokuphathelene nokuphila ebuntwini obuvamile, kunezinto okusamele ube nazo, futhi kusamele uqonde ngokungena kwempilo yakho siqu. Njengoba sihambe saze safika lapha namuhla, ziningi izinto ezikhulunyiwe esikhathini esidlule obungaziqondi—kodwa uyaziqonda uma uzifunda namuhla, futhi uba ogxile nakakhulu enhlizweni yakho. Nalokhu futhi kusho ukuvuna. Ngosuku lapho udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu futhi unolwazi oluncane kakhulu ngaphakathi kuwe, ungakwazi ukusebenzisana nabafowenu nodadewenu ngokukhululekile. Ingabe lokhu akukhona ukuphila okufanele ube nakho? Ngezinye izikhathi, ubuza othile imibuzo noma ucabanga ngesihloko esithile futhi kukwenza ukwazi kangcono ukuhlukanisa, futhi kukunikeza ukuqonda nokuhlakanipha okwengeziwe, okwenza ukwazi ukuqonda amaqiniso athile—futhi ingabe lokhu akukhona lokho okuqukethwe ukuphila okungokomoya okukhulunywa ngakho namuhla? Akwamukelekile ukwenza isici esisodwa kuphela sokuphila kwethu okungokomoya; ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ukuthandaza nokuhuba amahubo konke kwakha ukuphila okungokomoya, futhi uma unokuphila okungokomoya, kumele ube nokuphila kobuntu obuvamile futhi. Namuhla, okuningi kushiwo ngenjongo yokunikeza abantu ukucabanga ngendlela ephusile nokuqonda, ukubavumela ukuba babe nokuphila kobuntu obuvamile. Lokho okushiwo ukuqonda, lokho okushiwo ukuba nobudlelwano obuvamile nabanye abantu, indlela ongasebenzelana ngayo nabanye abantu—kufanele ube nazo lezi zinto ngokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, futhi okudingeka kuwe kutholakala ngobuntu obuvamile. Kufanele ube nezinto okumele ube nazo, kodwa ungeqisi; abanye abantu basebenzisa yonke inhlobo yamazwi namagama, futhi bayabukisa ngokwenza lokhu. Kunabanye futhi abafunda yonke inhlobo yezincwadi, okuwukunikeza izifiso zenyama inkululeko. Baze ngisho bafunde futhi balingise abantu ababhala ngokuphila kwabo nezingcaphuno zosaziwayo bomhlaba, futhi bafunde izincwadi zezithombe ezingcolile zobulili—futhi lokhu kuhlekisa nakakhulu! Abantu abanjalo akukhona ukuthi abayazi indlela engena ekuphileni kodwa, ngaphezu kwalokho, abawazi umsebenzi kaNkulunkulu namuhla, futhi abazi ukuthi baphile kanjani usuku nosuku. Ukuphila kwabo akunalutho! Abazi nhlobo ukuthi kufanele bangene kuphi. Abakwenzayo nje ukukhuluma nokuxoxa nabanye, njengokungathi ukukhuluma kuthatha indawo yokungena kwabo. Ingabe abalazi ihlazo? Laba ngabantu abangayazi indlela yokuphila, futhi abangakuqondi ukuphila komuntu; bathatha usuku lonke begcwalisa ubuso babo, benza izinto ezingenangqondo—futhi ikuphi injongo yokuphila kulokhu? Ngiye ngabona ukuthi abantu abaningi, ngaphandle kokwenza imisebenzi yabo, ukudla, nokugqoka, usuku lonke isikhathi sabo esiyigugu sidliwa yizinto ezingenangqondo, benza izinto ezingenamsebenzi nezingathi shu, behlangana nabangane futhi behleba, noma belele zwi. Ingabe ukuphila okunjalo ukuphila kwabangcwele? Ingabe lokhu ukuphila kwabantu abavamile? Ungenziwa yini uphelele uma ukuphila kwakho kuphansi, kuyisidala kunokunganaki? Ingabe uzimisele ukuzinikela kuSathane ngento engekho? Lapho ukuphila kwabantu kukhululekile, futhi indawo ezungezile ingahlushwa lutho, abakwazi kwenza lutho. Endaweni ekhululekile, kulula ngabantu ukuba benze izinto ezimbi—kodwa indawo engalungile ikwenza uthandaze kakhulu, futhi ikwenza ungalinge ushiye uNkulunkulu. Lapho ukuphila kwabo kukhululekile futhi kungenazo izinselele, kulapho abantu abaningi beba khona nomuzwa wokuthi asikho isidingo sokuphila, nokuthi kungcono bafe. Yonakele kanjalo inyama yomuntu; izinzuzo bangazithola kuphela ngokubhekana nezilingo.
Isigaba somsebenzi kaJesu senzeka eJudiya naseGalile, futhi abeZizwe babengazi lutho ngaso. Umsebenzi Wakhe wawuyimfihlo kakhulu, futhi asikho isizwe esasiwazi ngaphandle kwesakwa-Israyeli. Kwaze kwaba yilapho uJesu ephothula umsebenzi Wakhe futhi kwaba nothuthuva lapho abantu bazi khona ngawo, futhi ngaleso sikhathi wayesehambile. UJesu wayezele ukuzokwenza isigaba esisodwa somsebenzi, wazuza iqembu labantu, futhi waphothula isigaba somsebenzi. Kunoma yisiphi isigaba somsebenzi owenziwa uNkulunkulu, baningi abaphikisana nawo. Uma wawenziwa uNkulunkulu Ngokwakhe eyedwa, wawungase ungasho lutho; kumele kube nabantu abalandela uNkulunkulu nabenza leso sigaba somsebenzi kuze kube sekugcineni. Kuze kube yilapho umsebenzi kaNkulunkulu Ngokwakhe usuphothuliwe lapho abantu bekwazi khona ukufeza lokho okushiwo uNkulunkulu, futhi kungaleso sikhathi kuphela lapho umsebenzi kaNkulunkulu uqala khona ukusabalala. UNkulunkulu wenza kuphela umsebenzi wokungenisa inkathi entsha, futhi umsebenzi oqhubekisela lokho phambili wenziwa abantu. Ngaleyo ndlela, umsebenzi wanamuhla ngeke uhlale isikhathi eside; impilo Yami nabantu ngeke iqhubeke isikhathi eside. Ngiphothula umsebenzi Wami kuphela, futhi nginenze nenze umsebenzi okufanele niwenze, ukuze lo msebenzi nevangeli kuzosabalala ngokushesha okukhulu kwabeZizwe nezinye izizwe—umsebenzi wenu bantu uzophela ngalesi sikhathi kuphela. Isikhathi sanamuhla siyigugu kakhulu kunazo zonke. Uma usishaya indiva, ungomunye walabo abayiziphukuphuku; uma, kule ndawo, udla futhi uphuza la mazwi futhi ubona lo msebenzi, kodwa ungenayo injongo yokuwuqhubekisela phambili, ungenawo nomncane umuzwa wokuba nomthwalo, yiliphi ithemba ongakhuluma ngalo? Ngeke baqedwe yini abantu abanjalo?
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Awekho amazwana:
Thumela amazwana