31 Januwari 2019

Zulu Video "AmaJuda Eya Ekudingisweni Kwelinye Izwe Kanye Nokusabalaliswa Kwevangeli Lombuso Wezulu"


Zulu Gospel Movie Clip "AmaJuda Eya Ekudingisweni Kwelinye Izwe Kanye Nokusabalaliswa Kwevangeli Lombuso Wezulu"

Emuva kokuvuka kweNkosi uJesu, amaJuda adingiswa kuwo wonke umhlaba, nokwenza ukuthi ivangeli lombuso wezulu lisabalale kuwo wonke amagumbi omhlaba.

30 Januwari 2019

Best Zulu Gospel Movie Clip - "Ukubhubhisa Umhlaba KukaNkulunkulu Ngozamcolo"


Best Zulu Gospel Movie Clip - "Ukubhubhisa Umhlaba KukaNkulunkulu Ngozamcolo"
Lapho ubuka isiqephu esimangalisayo sebhayisikobho yobuKristu esithi Ukubhubhisa KukaNkulunkulu Umhlaba Ngozamcolo, uzothola isimo sikaNkulunkulu esingcwele esinokulunga nokunakekela nobubele Bakhe esintwini, futhi uzothola indlela eya ensindisweni kaNkulunkulu phakathi kwezinhlekelele.

29 Januwari 2019

Best Gospel Music "UNkulunkulu Ebusa Phezu futhi Esimamisa Isintu Nazo Zonke Izinto" (Zulu Subs)



Best Gospel Music "UNkulunkulu Ebusa Phezu futhi Esimamisa Isintu Nazo Zonke Izinto" (Zulu Subs) 
Ngaphansi kwamazulu, izintaba, imifula, namachibi konke kunemingcele yakho, futhi zonke izidalwa ziphila futhi zizalane kuzo zonke izinkathi zonyaka ezine ngokuvumelana nemithetho yokuphila…. Ingabe uyathanda ukwazi ukuthi ubani obusa phezu futhi owesekela isintu nazo zonke izinto?

28 Januwari 2019

2018 Zulu Gospel Movie Clip - "UNkulunkulu Uza Emhlabeni Futhi Uba Ngumnikelo Wesono"


2018 Zulu Gospel Movie Clip - "UNkulunkulu Uza Emhlabeni Futhi Uba Ngumnikelo Wesono"
NgeNkathi Yomusa, iNkosi uJesu yafika phakathi kwabantu yase ibethelwa ngenxa yabo.

27 Januwari 2019

Isahluko 21

Umsebenzi woMoya oNgcwele usuningenise ezulwini nasemhlabeni omusha. Konke kwenziwa kube kusha, konke kusezandleni Zami, konke kuqala kabusha! Ngemibono yabo, abantu abakwazi ukukucabanga, futhi kubona akunamqondo, kodwa Yimi osemsebenzini, nobuhlakani Bami bulapho.

26 Januwari 2019

Isahluko 20

Umsebenzi woMoya oNgcwele uqhubekela phambili, uningenisa endaweni entsha ngokuphelele, okungukuthi ubunjalo bokuphila bombuso bubonakele phambi kwenu.

25 Januwari 2019

Isahluko 19

Njengoba umsebenzi woMoya oNgcwele uqhubekela phambili, uNkulunkulu uphinde wasingenisa endleleni entsha yomsebenzi woMoya oNgcwele.

24 Januwari 2019

Isahluko 18

Ukwakhiwa kwebandla akusiyo into elula! Ngifaka yonke inhliziyo Yami ekulakheni futhi noSathane angenza konke okusemandleni akhe ukulibhidliza.

23 Januwari 2019

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X

UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto (IV)

Namuhla sidlulisa umlayezo onesihloko esikhethekile. Kinina ninonke, zimbili kuphela izinto okumele nizazi, nizibandakanye nazo niphinde niziqonde—yiziphi-ke lezo zinto?

22 Januwari 2019

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Wazo Zonke Izinto (III)

Kulesi sikhathi, sikhulume ngezinto eziningi ezithinta ukumazi uNkulunkulu kanti kungekudala nje sikhulume ngento ebalulekile kulesi sihloko esithi: UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Wazo Zonke Izinto.

21 Januwari 2019

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto (II)

Masiqhubekeni nesihloko sengxoxo sangesikhathi esidlule. Ningasikhumbula isihloko esasikhulume ngaso ngesikhathi esidlule?

20 Januwari 2019

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizie VII

(I) Uhlolojikelele Lwegunya likaNkulunkulu, Isimo Esilungile sikaNkulunkulu, kanye noBungcwele bukaNkulunkulu

Uma seniyiqedile imikhuleko yenu, ingabe izinhliziyo zenu zinakho ukuzola phambi kukaNkulunkulu? (Yebo). Uma ngabeinhliziyo yomuntu ingazoliswa, bangakwazi ukuzwa nokuqonda izwi likaNkulunkulu futhi bangakwazi ukuzwa nokuqonda iqiniso.

19 Januwari 2019

Best Zulu Gospel Movie Clip - "Ukubhubhisa Umhlaba KukaNkulunkulu Ngozamcolo"



Zulu Gospel Song "Ukubhubhisa Umhlaba KukaNkulunkulu Ngozamcolo"
Lapho ubuka isiqephu esimangalisayo sebhayisikobho yobuKristu esithi Ukubhubhisa KukaNkulunkulu Umhlaba Ngozamcolo, uzothola isimo sikaNkulunkulu esingcwele esinokulunga nokunakekela nobubele Bakhe esintwini, futhi uzothola indlela eya ensindisweni kaNkulunkulu phakathi kwezinhlekelele.

17 Januwari 2019

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI

Ubungcwele bukaNkulunkulu (III)

Nizizwa kanjani emuva kokusho imithandazo yenu? (Sithokozile futhi sithintekile kakhulu.) Masiqale ingxoxo yethu. Ingabe isiphi isihloko esixoxe ngaso sigcina?

16 Januwari 2019

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele V

Ubungcwele BukaNkulunkulu (II)

Sigcinane sixoxe ngesihloko esibaluleke kakhulu, yisihloko abantu abebevamile ukukhuluma ngaso, futhi yigama elivamile ukuvela lapho kukhulunywa ngokukholwa kuNkulunkulu, kepha kuyigama ekungathi lijwayelekile liphinde lingajwayeleki futhi kubantu.

15 Januwari 2019

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IV

Ubungcwele BukaNkulunkulu (I)

Sibe nokuhlanganyela okwengeziwe ngegunya likaNkulunkulu ekuhlangeneni kwethu kokugcina , futhi angeke sikhulume ngokulunga kukaNkulunkulu okwamanje. Namhlanje, sizokhuluma ngesihloko esisha sha—ubungcwele bukaNkulunkulu.

14 Januwari 2019

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele III

Igunya LikaNkulunkulu (II)

Namhlanje sizoqhubeka nengxoxo yethu ngokukhuluma ngesihloko esithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele.” Sesixoxe kabili ngalesi sihloko, okokuqala bekumayelana negunya likaNkulunkulu, okwesibili kumayelana nesimo sikaNkulunkulu esilungile.

13 Januwari 2019

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II

Isimo SikaNkulunkulu Esilungile

Manje njengoba benikade nilalele ingxoxo yangaphambilini mayelana negunya likaNkulunkulu, ngiqinisekile ukuthi senihlome ngenqwaba yamagama ngalolo daba. Ukuthi nizokwazi ukwemukela futhi niqonde, konke, kuncike ekutheni nizozikhandla kanganani ekukusebenziseni.

12 Januwari 2019

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I

Igunya likaNkulunkulu (I)

Izinhlanganyelo zami eziningana ezedlule bezimayelana nomsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, kanye noNkulunkulu uqobo Lwakhe.

11 Januwari 2019

Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III

Lokhu kuhlanganyela okwahlukahlukene kube nomthelela kuwo wonke umuntu ngamunye. Njengamanje, abantu sebengakwazi ngempela ekugcineni ukuzwa ubukhona bukaNkulunkulu ngokweqiniso nokuthi empeleni uNkulunkulu usondelene kakhulu nabo.

Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II

Emhlanganweni wethu owedlule saxoxa ngesihloko esibaluleke kakhulu. Nisakhumbula ukuthi sasithini? Ake ngisiphinde. Isihloko esasixoxa ngaso ngokwedlule sasithi: Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe.

10 Januwari 2019

Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I

Namuhla sidlulisa isihloko esibalulekile. Lesi sihloko bekulokhu kukhulunywa ngawo kusukela ekuqaleni komsebenzi kaNkulunkulu kuze kube manje, futhi sibaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu.

Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nomphumela Womsebenzi Wakhe


Kukhala izinsimbi: Abantu bahalalisela uNkulunkulu, abantu bayadumisa uNkulunkulu, yonke imilomo ibiza uNkulunkulu oyedwa weqiniso, umbuso wehlela emhlabeni.

09 Januwari 2019

Ukwazi UNkulunkulu Kuyindlela Eya Ekumesabeni UNkulunkulu Nokudeda Kokubi

Ngamunye wenu kumele nihlole kabusha ukuphila kwenu kokukholelwa kuNkulunkulu ukuze nibone ukuthi, ekulandeleni uNkulunkulu, nikuqondisisile ngempela yini, nokuthi nifinyelele yini ekumazini ngeqiniso uNkulunkulu, nokuthi ingabe nisazi ngempela yini isimo somqondo sikaNkulunkulu ngezinhlobo ezahlukene zabantu, kanye nokuthi ingabe nikuqonda ngempela yini lokho uNkulunkulu akwenzayo kini nanokuthi ingabe uNkulunkulu uzibheka kanjani zonke izenzo zenu.

Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu

Wonke umuntu ubona sengathi ukuphatha kukaNkulunkulu kuyinto engajwayelekile ngoba abantu bacabanga ukuthi ukuphatha kukaNkulunkulu akuhlangene nomuntu.

08 Januwari 2019

UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke

Njengamalunga ohlanga lwesintu kanye namaKristu azinikele, kuwumthwalo nesibopho sethu sonke ukunikela imiqondo nemizimba yethu ukuze kugcwaliseke umsebenzi ophathiswe nguNkulunkulu ngoba ubuthina bonke bavela kuNkulunkulu, futhi bukhona ngenxa yobukhosi bukaNkulunkulu.

Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha

Uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha selufika emaphethelweni, futhi isango lombuso weZulu selivulelwe bonke abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu.

07 Januwari 2019

Ukububula KukaMninimandla Onke

Kunemfihlo enkulukazi enhliziyweni yakho. Awazi ukuthi ikhona ngoba kade uphila ezweni elingenakho ukukhanya. Inhliziyo nomoya wakho kuthathwe ngomubi.

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu

Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho. Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila.

06 Januwari 2019

Kumele Ubhekisise Izenzo Zakho

Ngokubuka ukwenza kanye nezenzo zenu ezimpilweni zenu, nonke nidinga ingxenye yamazwi nsuku zonke yokunihlinzeka nokunivuselela kabusha, ngoba nintula kakhulu, futhi ulwazi nekhono lenu lokwamukela lincane kakhulu.

Imiyalelo Eyishumi Yokuphatha Okufanele Ilalelwe Abantu Abakhethiweyo bakaNkulunkulu ENkathini Yombuso

1. Umuntu akumele azenze mkhulu, noma aziphakamise. Kumele akhonze futhi aphakamise uNkulunkulu.

2. Kumele wenze noma yini eyinzuzo emsebenzini kaNkulunkulu, futhi ungenzi lutho oluzolimaza izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu.

05 Januwari 2019

Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)

Imvelo yomuntu yehluke ngokuphelele ebuntwini Bami; lokhu kungenxa yokuthi imvelo yomuntu eyonakele ivela kuSathane ngokuphelele nemvelo yomuntu yenziwe futhi yonakaliswa uSathane.

Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (1)

Umsebenzi Wami usuzophela. Iminyaka eminingi esiyichithe sindawonye isibe inkumbulo engabekezeleleki yenkathi edlule.

04 Januwari 2019

Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni

Nonke niyakujabulela ukuthola umvuzo phambi kukaNkulunkulu nokuba ababekelwe umusa Wakhe emehlwenu Akhe. Lokhu kuyisifiso sawo wonke umuntu emuva kokuqala ukukholwa kuNkulunkulu, ngokuba umuntu ulwela izinto eziphezulu ngenhliziyo yakhe yonke futhi akekho ofisa ukuba semuva kwabanye.

Kubaluleke Kakhulu Ukuqonda Isimo SikaNkulunkulu

Ziningi izinto enginethemba lokuthi nizozizuza. Nokho, izenzo zenu kanye nezimpilo zenu akuhlangabezani ngokuphelele nezidingo Zami, ngakho-ke kufanele ngiqonde ephuzwini nginichazele intando Yami.

03 Januwari 2019

Iziphambeko Ziyokwenza Umuntu Aye Esihogweni

Ngininike izexwayiso eziningi futhi ngabeka amaqiniso amaningi phezu kwenu ukuze ngininqobe. Namhlanje nizizwa nicebe kakhulu kunangesikhathi esidlule, niqonda izimiso eziningi ezimayelana nendlela umuntu okufanele abe yiyo, futhi abe nokuhluzeka okuningi engqondweni abantu abathembekile okufanele babe nakho.

Izexwayiso Ezintathu

Njengekholwa likaNkulunkulu, akumele wethembeke kunoma ubani omunye ngaphandle Kwakhe kukho konke futhi kumele ukwazi ukuhambisana nentando yakhe kuzo zonke izinto.

02 Januwari 2019

Isiphetho Somuntu

Noma nini lapho kukhulunywa khona ngesiphetho, lokho nikubheka njengento ebaluleke kakhulu; nonke nisheshe nizwele uma kukhulunywa ngale ndaba.

Ingabe Wethembeke Kubani?

Usuku ngalunye eniluphilayo nenidlula kulo njengamanje lubucayi futhi lubaluleke kakhulu esiphethweni senu kanye nasekusaseni lenu, ngakho kumele nikwazise konke eninakho ngawo wonke umzuzu odlulayo.

01 Januwari 2019

Kumele Wenze Izenzo Ezinhle Ezanele Ukulungiselela Isiphetho Sakho

Ngenze umsebenzi omningi phakathi kwenu futhi, ngempela, futhi ngakhuluma amazwi amaningi. Kepha ngizwa ukuthi amazwi nomsebenzi Wami awukayifezi ngokuphelele injongo yomsebenzi Wami wezinsuku zokugcina. Ngokuba, ngezinsuku zokugcina, umsebenzi Wami awungenxa yomuntu noma abantu abathile, kodwa owokuveza isimo Sami semvelo.

UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade

Indlela yokuphila akusiyo into engaba ekanoma ubani, futhi ayitholwa yibo bonke abantu kalula. Lokhu kwenziwa ukuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela, okusho ukuthi, uNkulunkulu kuphela onesiqu sokuphila, ayikho enye indlela yokuphila ngaphandle kukaNkulunkulu Uqobo, ngakho-ke uNkulunkulu kuphela owumthombo wokuphila, futhi uwumthombo wamanzi okuphila ahlala egeleza.