20 Agasti 2019
Isahluko 6
Ezindabeni eziphathelene nezomoya, kumele nibe nozwelo ngempela; emazwini Ami kumele nilalelisise ngempela. Kumele nilwele ukufinyelela esigabeni lapho uzobona khona uMoya Wami nobumina obuyinyama, amazwi Ami nobumina obuyinyama, njengento eyodwa ephelele engehlukaniswe, ukuze bonke abantu bezokwazi ukungigculisa ebukhoneni Bami.
15 Agasti 2019
Isahluko 5
Uma uMoya Wami ukhuluma, uveza isimo Sami ngokuphelele. Niyakuqonda lokhu? Ukungakuqondi lokhu kuyafana nokuphikisana Nami ngqo.
10 Agasti 2019
Isahluko 4
Bonke abantu Bami abakhonza Kimi kumelwe bakhumbule isikhathi esedlule: Ingabe uthando lwenu Ngami lwalungcolisiwe? Ingabe ukuthembeka kwenu Kimi kwakumsulwa futhi nithembeke ngenhliziyo yonke? Ingabe ulwazi lwenu Ngami lwaluyiqiniso? Enhliziyweni yenu benginendawo engakanani? Ingabe bengigcwele yonke indawo? Amazwi Ami afeze umsebenzi ongakanani ngaphakathi kwenu? Ningangenzi isilima! Lezi zinto zicace bha Kimi! Namuhla, njengoba kukhulunywa izwi lensindiso, ingabe kuke kwaba khona ukwanda kothando Lwami kini? Ingabe ingxenye yokuthembeka kwenu Kimi isimsulwa? Ingabe ulwazi lwenu Ngami selujulile? Ingabe indumiso yesikhathi esedlule ibeke isisekelo solwazi lwenu namuhla? Ngaphakathi kini ingakanani indawo yoMoya Wami? Isithombe Sami sinendawo engakanani ngaphakathi kini? Ingabe amazwi Ami anishaye lapho nibuthaka khona? Ingabe ngempela nizizwa sengathi akukho lapho nizofihla khona ihlazo lenu? Ingabe ngempela nikholelwa ukuthi anifanele ukuba ngabantu Bami? Uma nizazi izimpendulo zale mibuzo engenhla, lokhu kukhombisa ukuthi nidoba emanzini adungekile, kusho ukuthi nilapho nje ukwengeza isibalo, kanti ngesikhathi esabekwa Yimi ngaphambilini, nizosuswa niphonswe emgodini ongenamkhawulo okwesibili.
05 Agasti 2019
Isahluko 3
Njengoba nibizwa ngabantu Bami nje, izinto azisenjengoba zazinjalo; kumele nilalele futhi nihloniphe izinto ezishiwo uMoya Wami, nilandele eduze umsebenzi Wami, ningehlukanise uMoya Wami nenyama Yami, ngoba Simunye ngokwendalo, kasehlukene neze.
31 Julayi 2019
Isahluko 2
Ukulandela ukwenza ngendlela entsha, kuzoba nezinyathelo ezintsha emsebenzini waMi Njengoba kunjalo embusweni, ngizokwenza izinto ngobunkulunkulu ngokuqondile, ngihole isinyathelo ngasinye endleleni, ngibheke kahle yonke imininingwane, kungekho konakala ngezinhloso zabantu.
26 Julayi 2019
Isahluko 1
Ingabe labo abafakaza ngamazwi Ami bawamukela ngempela? Ingabe ningazi ngempela? Ingabe niye nafunda impela ukulalela? Ingabe nizikhandla ngobuqotho Ngami? Ingabe niye naqina, nangahoxi ekufakazeni Ngami ebusweni bukadrago omkhulu obomvu? Ingabe ukuzinikela kwenu kumlulaza ngempela udrago omkhulu obomvu? Kungokwenza amazwi Ami kuphela lapho ngingakwazi khona ukufinyelela umgomo Wami wokucwenga ibandla kanye nokukhetha labo abangithanda ngeqiniso.
21 Julayi 2019
Isahluko 120
Siyoni! E! Siyoni! Hlabelela! Ngibuye ngokunqoba, ngibuye nginqobile! Bantu nonke! Sheshani nime ngokuhleleka! Zinto zonke! Niyokuma ngqi, ngoba isiqu Sami sibheke lonke izulu nomhlaba futhi isiqu Sami sibonakala eMpumalanga yomhlaba! Ngubani olokotha angaguqi akhonze? Ngubani olokotha angakhulumi ngoNkulunkulu wangempela? Ngubani olokotha angabheki phezulu ngenhlonipho? Ngubani onganikezi indumiso? Ngubani olokotha angamemezi ukuncoma? Abantu Bami bayozwa iphimbo Lami, amadodana Ami ayophila ngaphakathi kombuso Wami.
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)